ukuzindla - ntombela lyrics
verse 1
ngizindla into engapheli, ngisentabeni ethize anginalo ikheli/ yizimpi ezingapheli ngapha izinsizwa zikhipha into engaceli/ kunemizwa engazilweli, isingixakeni kule lizwe elingazweli/ kunezifiso ezingangineli, kodwa futhi kunezinto engingazisweli/ cishe inicindezela, noma kungeke sicishe incindezelo/ kusemqondweni k’phela inkululeko izikhulisa okwemvelo/ ibukisa ngezithеlo ezijahe ukukhula zishiye amalungеlo/ ngihleka inhlinini sizothi sibuya iskhathi ngishintshe uhlelo/ uzwelo alunamehluko, ukusiza oyedwa kuncedeka imidumo/ mak*me ngomumo izinyawo emsakazweni sikhande isidumo/ ngeke uphinde umazi ongeke akhiphe imali ukuba nodumo/ vele nezimbungulu zithanda abanikazi kwazi usdumo/ angibathandi, ngiyabazonda, ngoba basibekele umncele/ nabangani bathi nginonya, bathi ngeke ngibingelele/ sanibonani? ninjani? nikhona? “siyamazi kwamele simncele”/ nje cabanga ngisangaphansi kuzobanjani ngiphumelele?/
chorus: sibonga impilo, sibonga ukuthi amanzi asalwisa umlilo/ sibonga isimilo, sibonga ukuthi umama akayigqoki inzilo/ sibonga isimo sivule ilihlo lethoba labona uthingo/ sibonga ukuthi sikwazi ukubonga amathonga sesingekho isidingo/ x2
verse 2
izinzule zizula izulu, umthala, umhlaba, zibalekela ikubo/ nami ngingaphezulu ngihamba izintaba ubhaka uphatha isixubho/ ngathi usasidida lomhlaba umama ungivulela amahubo/ ngiyazi ekhaya noma k’banda aba*koena bangincisha ingubo/ uph’ umdali? ngoba inkosana ikhonza amakhosazana/ angil’ hambi isonto, ngisang*ya ngiyobona abesifazan/ usayinhlava ngoba lisakuhlula legama lokuthandana/ uzoba yimvemvana uthande uchuku, kunuke sanhlavana/ “bamba lana”, kusho izingane emuva zibona lemibala/ mayingatholakala kuzoba ukuthi wubani oyibone kuqala/ lomhlaba ulimele yingako sesikhuthaza nokukakhala/ bafuna ukuwulapha, badonsa amakhubalo ngekhala/ ngikhetha ukusala, anginandaba ukuthi ipilisi liphatha impilo/ futhi bangangibali kulo daba ngisakulo*mkhathimpilo/ ngishisa impepho kuphela, istimela asifiki kithi bengishilo/ niyazi ithemba yimi ningase nijabule ngiphenduke ichilo/ bridge: [hayden kula] yes our hand wield power , yes our hands wield power, yes our hands wield power… yes our hand wield power , yes our hands wield power, yes our hands wield power…
chorus: sibonga impilo, sibonga ukuthi amanzi asalwisa umlilo/ sibonga isimilo, sibonga ukuthi umama akayigqoki inzilo/ sibonga isimo sivule ilihlo lethoba labona uthingo/ sibonga ukuthi sikwazi ukubonga amathonga sesingekho isidingo/ x2
Random Song Lyrics :
- rip laz - sevi rin lyrics
- koracick - nayla savannah lyrics
- good luck on your own - charm of finches lyrics
- lacrime di sangue - eakos lyrics
- kép lệch là gì? phương pháp mang lại những con số hiệu quả? - jun88 lyrics
- he thought of me - brian free & assurance lyrics
- gaja pi - seqveira lyrics
- голодный пёс (hungry dog) (gay remix) - twthusandnne lyrics
- 슬픈 영혼 (sad soul) - yuri (kor) lyrics
- a yo remix - miszel lyrics