lirik lagu inhlupheko – big zulu
[verse 1]
sawubona mtanami
ngithemba okuthi uyaphila
ngokwe gama ngudoris
ngiyabonga usuze wa fika
mzukulu, leth’ amanzi
ukutheng’ icold*drink ngyafisa
kodwa ikati lilele ezikho
sibong’ umphefumulo masiphila
mtanami angixolise, ukuk’moshela isikhathi
okungezeka ukuthi umatasa
kodwa ngeke ngithath’ isikathi
mzukulu, awleth’ icansi
umalume ake ahlale phansi
angazi ng’zoqalaphi
kodwa ng’celi ukuqala phansi
mangithi ngiya bheka, umama ugqwele usizi
kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
mzukulu uyahlakula kukha’l igeja ugcwel’ insimu
sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
mtanami angikusho lokhu
mina ngazalelwa ukuhlupheka
ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu neshugela
abanye bathi ngiya thakatha
ngithule bengisukela
angiyazi injabulo
kodwa ezulwini ngiyokhululeka
[chorus: mduduzi ncube]
kuze kube nini, isimo singashintshi?
inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini
ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
we*jesu nguwe ithemba lami
yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
lobubuhlungu nesimo ngisamukele
imizamo yami iyophela kuwe
ngizophumula xa ndifika kuwe
[verse 2: big zulu]
intokozo, mina iyami inzima
njegoba ubona amathuna
bonke la ekhaya bangishiya
lomtwana omsehlana yena ubabakhe wamphika
kusele mina nemzukulu
masihamba kuyosala inxiwa
ngyazi isisho sithi “alikho ithuna lendlala”
lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala
lona omdala uhlale ebuza “ukuphi umama?”
wahamba eyofuna itoho
akaphindanga wabuya ekhaya
mtanami, kunzima kunokuphela iviki ngadlile
ngikhalela umzukulu abuye eskoleni elambile
kodwa usebenza kanzima
ukuba nekusasa eliqhakazile
ukuthi uphuma enhluphekweni
kodwa ezifundweni udlal’ ephasile
eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe
kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
nali ithawula, mtanami
bengaqondile ukuthi ukhale
[chorus: mduduzi ncube]
kuze kube nini, isimo singashintshi?
inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini
ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
we*jesu nguwe ithemba lami
yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
lobubuhlungu nesimo ngisamukele
imizamo yami iyophela kuwe
ngizophumula xa ndifika kuwe
[verse 3: big zulu]
liyaphuma, liyashona
kimi akuna mehluko
yebo, ekukhuleni kwami nami
ngakhula ngina amaphupho
ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo
isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo
kwakhala inyonini layikhaya basiqalekisa
amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise
bengaqondile ukudabukisa
ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa
namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni
into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni
ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni
kokunye nginokulala khona
ngivuke ngithengise ekuseni
kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi
angilazi icala lami, emhlabeni ngiyi soni
kodwa sengivumile, injabula angiyitholi
angikukhulule mtanami uhambe ilang lingashoni
[chorus: mduduzi ncube]
kuze kube nini, isimo singashintshi?
inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini
ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
we*jesu nguwe ithemba lami
yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
lobubuhlungu nesimo ngisamukele
imizamo yami iyophela kuwe
ngizophumula xa ndifika kuwe
lirik lagu lainnya :
- kumpulan lirik lagu vivi mastralexi › lirik lagu skarti – vivi mastralexi
- kumpulan lirik lagu kai kwasi › lirik lagu unt – kai kwasi
- kumpulan lirik lagu arrested youth › lirik lagu family tree – arrested youth
- kumpulan lirik lagu sophy mell › lirik lagu loquita port ti – sophy mell
- kumpulan lirik lagu jahboy wizy › lirik lagu i too like you – jahboy wizy
- kumpulan lirik lagu toosii › lirik lagu lemon pepper freestyle – toosii
- kumpulan lirik lagu pxpercutt › lirik lagu mahorror – pxpercutt
- kumpulan lirik lagu mlody sosna › lirik lagu dziwko to ulica – mlody sosna
- kumpulan lirik lagu redek › lirik lagu again. – redek
- kumpulan lirik lagu bakermat › lirik lagu the spirit – bakermat